Le ncwadi ikhuluma ngezinkinga nobunzima engike ngahlangabezana nabo empilweni yami. Le ncwadi igcizelela kakhulu uthando lwamanga, ubobhoklolo, ubungane kanye nokunye okuningi engike ngahlangahlangabezana nakho. Le ncwadi igqugquzela izingane kakhulukazi intsha ekhuliswa umzali oyedwa vo. Isifundisa ukuthi empilweni kumele sisebenze ngokuzikhandla nangokuzimisela. Le ncwadi ifundisa izingane ukuthi kufanele zibe nesibindi kanye nokuzethemba ukuze zizokwazi ukufeza amaphupho azophinda futhi isifundisa ukuthi empilweni kunabantu abazenzisayo sengathi bayasithanda kanti abasifiseli okuhle bafisa ukusibona singelutho empilweni. Bajabulela ukuwa kwethu. Le ncwadi isifundisa ukuthi singalilahli ithemba noma kunzima kangakanani.





Reviews
There are no reviews yet.